Isexwayiso kwabangena ezindlini ngenkani

uMasipala weTheku usukhiphe isexwayiso esiqinile kulabo abazingenela ngenkani ezindlini ezisakhiwa yilo Masipala ekubeni zingakapheli.

Lokhu kulandela isigameko esenzeke mhla zinga-30 kuJanuwari 2016 nalapho imindeni engama-300 kuthiwa yangena ngo ndlovu iyangena ezindlini ezingakaqedwa ukwakhiwa e-Cornubia ngaphandle kwedolobha iTheku.

Kuthiwa lezi nkumbi zabantu zivele zagaleleka ngamabhasi kanye namatekisi zingasezwa mshini. Zithe zingafika zangabe zisapholisa maseko zafaka impahla yazo ngaphakathi ezindlini ezingakaqedwa ukwakhiwa.

uMasipala usola laba ngokudala umonakalo kulezi zindlu ngekathi bematasa nokufaka impahla yabo ezindlini.

Izikhulu zeTheku zikhulume nalaba bantu khona endaweni yesigameko nalapho bezwakalise khona ukungenami mayelana nohlelo lokunikezela ngezindlu.

Ngokuhamba kosuku amaphoyisa acele laba ukuba bahambe kule ndawo.

uMasipala weTheku usukubeke kwacaca ukuthi awuzukuvumela muntu ukuba angene ngenkani ezindlini ezisakhiwa.

Ukuqinisekisa lokhu sekutshalwe abezimo zokuphepha kule ndawo ukuze babhekane ngqo nalezi zigameko.

Ibalelwa kuma-586 imindeni ehlala e-Cornubia nokungabantu abasemazingeni ehlukene empilo kanti iningi labo libheke ngabomvu ukuhlomula kulezi zindlu zomxhaso.

www.news@liveexpress.co.za

Image: www.durban.gov.za

Related Posts