uZuma uthi uzoyikhokha eyaseNkandla

Umengameli wezwe uJacob Zuma usenze isiphakamiso sokuthi avele ayikhokhe ingxenye ethize yemali eyasetshenziswa ngesikhathi kulungiswa ezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.

Lokhu kulandela umsindo osudonse isikhathi eside kanye nezikhalo kwamanye amalunga omphakathi kanjalo namaqembu aphikisawo besola uMengameli ngokuxhaphaza imali yabakhokhi bentela.

Ilinganiselwa ku-R246 million imali eyasetshenziswa ngekathi kulungiswa ezokuphepha kulo muzi kaMengameli.

uMvikeli womphakathi u-Advocate Thuli Madonsela wakhipha umbiko emva kophenyo olwenziwa yihhovisi lakhe nalapho aluleka ngokuthi kungaba kuhle ukuthi uMengameli akhokhe ingxenye ethize yemali eyasetshenziswa ngenkathi kulungiswa ezokuphepha emzini wakhe.

uMadonsela wathi uZuma kanye nomndeni wakhe bahlomula kungafanele ngokwakhiwa kwezinye zezinto ezingahlangene nezokuphepha. Kodwa wathi akabutholanga ubufakazi bokuthi uMengameli waba nesandla okwakhiweni kwalo muzi.

uMengameli uthi ufuna ukuluqeda manje lolu daba olungafuni ukuphela lwaseNkandla. Kodwa-ke ukubeke kwacaca ukuthi ngalokhu akaqondile ukuthi uvuma “icala”.
news@liveexpress.co.za

Credit: Wikimedia.org

Related Posts