Kuboshwe indoda (55) ngokubulawa kwesalukazi (80)

Ilale ibaliwe indoda eneminyaka engama-55 ubudala nesolwa ngokubulala isalukazi esineminyaka engama-80 ubudala esigamekweni esenzeke kwa-Nqetho, e-Hilcrest.

Amaphoyisa ase-Hillcrest athole umbiko mayelana nesigameko sokubulala kule ndawo. Ngenkathi befika endaweni yesigameko bathole isidumbu sika-Getrude Ntombela esikhotheni sinamanxeba okukinywa. Kuthiwa ubegcine ukubonaka endaweni yokucima ukoma khona endaweni ehamba nomsolwa.

Inhlanzi ishelwe ngamanzi kumsolwa njengoba kuthiwa ezikadalawane zibuye naye ephila ngekathi amanye amaphoyisa esahloma imibuzo abazibonele. Kuthiwa vele uyaziwa umsolwa endaweni. Ube eseboshwa waphinda wabekwa necala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi ibintshontshiwe.

Kuthiwa umsolwa ubhadanywe eseshaya ngebhayisekila nokuthe uma ebuzwa ngalo wahluleka ukuphendula ngedlela egculisayo. Kuthe kusenjalo kwafika umnikazi webhayisekila walikhomba ukuthi ngelakhe.

Lo msolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo mhla zi-4 kuFebhuwari 2016 mayelana necala lokuntshontsha ibhayisekila ngenkathi kusaqhubeka uphenyo mayelana necala lokubulala.

uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu Natali u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni ukugxekile ukubulawa kwalo wesifazane waphinde wancoma kakhulu amaphoyisa ngokuzingela umsolwa aze amthole futhi ambophe.
news@liveexpress.co.za

Credit: Pixabay.com

Related Posts