Ugwetshiwe owanukubeza umshana ngokocansi

Ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili (8) ebhadla ejele umlisa wase-Matshana Reserve eMpangeni, esifundazweni iKwaZulu Natali, ngemuva kokutholakala enecala lokuzama ukudlwengula kanye nokunukubeza ngokocansi.

Mhla ziyi-7 ku-Disemba 2014 kuthiwa lo mlisa wabizela umshana wakhe oneminyaka eyi-9 ubudala ekamelweni lakhe nalapho okuthiwa wafike wamuthembisa ukumupha ama-chips. Kuthiwa kwaba ukungena nje endlini komshana lo mlisa wabe esembhudubeza wazama nokumdlwengula. Umshana waphuma ngesamagundwane nokwaba ukuhluleka kwamizamo yalo mlisa.

Ngemumva kwalokhu le ntombazanyana yabe isibikela abadala ngalesi sigameko nokwaholela ekutheni kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa eMpangeni. Leli cala labe selidluliselwa kuphiko olubhekelele amacala afuze lawa nokuyi-Empangeni Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit ukuze kuphenywe kabanzi.

Ngo-Mashi 2015 zigcine zimkhalele umsolwa emva kophenyo olunzulu nokuholele ekutheni ashushiswe wabe eselahlwa amacala.

uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu Natali u-Lieutenant Mmamonnye Ngobeni uncome umsebenzi owenziwe abaseshi kuleli cala. “Sithanda ukukugcizelela ukuthi abanukubeza ngokocansi abanayo indawo emphakathini wethu ngale kokuthi bayochitha ikusasa labo ejele”, kusho uKhomishana.

msizi@liveexpress.co.za

Credit: Pixabay.com

Related Posts