Baboshiwe abatholwe nesibhamu, nezidakamizwa eGreytown

Ezigamekweni ezihlukene, e-Greytown, ngaphandle kwedolobha i-Pietermaritzburg, abengalo yomthetho bazithole sebevalela abasolwa ababili emkhankasweni obuqhutshwa uphiko lwe-Umzinyathi Cluster Crime Intelligence ngokubambisana ne-Pietermaritzburg Public Order Police.

Mhla zintathu kuFebhuwari 2016, emini, ngezikhathi zehora lokuqala, amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nomlisa ophethe isibhamu. Abe esenikela kwenye yezindawo zokucima ukoma kule ndawo nalapho efike avundulula isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlavu kufihlwe ngaphansi komcamelo.

Emva kwalokhu lolu phiko luqhubekele kwenye indlu eseLindelani, khona e-Greytown, nalapho lufike lwazithela phezu kwama-straws angama-285 esidakamizwa sohlobo lwe-woonga, ama-piles ayishumi e-mandrax, amaphasela ayi-18 ensangu kanye nesamba semali esiyizi-R6409.00. Sezizonke lezi zidakamizwa zilinganiselwa ezi-R11000.00 ngokwenani lasemgwaqeni.

Kube sekuboshwa owesifazane oneminyaka engama-35 ubudala wabekwa necala lokutholakala nezidakamizwa. Lo wesifazane kanye nomlisa otholakale nesibhamu esingekho emthethweni bavele enkantolo yematshi yase-Greytown mhla zizine kuFebhuwari 2016. Nokho basazoqhubeka bavalelwe.

uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi ukutholakala kwalezi zidakamizwa kanye nesibhamu kufakazela ukuthi amaphoyisa akulesi sifundazwe akhona yonke indawo ukuze abhekane ngqo nezigilamkhuba.

news@liveexpress.co.za

Credit: Wikipedia

Related Posts