Uboshiwe obanjwe nezidakamizwa ePhoenix

Lilale libaliwe ibhungu elibanjwe oqotsheni nesidakamizwa sohlobo lwe-heroin e-Phoenix, ngaphandle kweTheku.

Amaphoyisa ophiko lwe-Durban South Umlazi K9 Unit abeqhuba ukhankaso okhethekile kule ndawo mhla zizine kuFebhuwari 2016 ngenkathi ebona imoto yohlobo lwe-Hyundai, eluhlaza okwesibhakabhaka, imile kodwa kunabantu ababili phakathi.

AbakwaSidlodlo bathe uma bepequlula ngaphakathi bazithela phezu kwama-straws ayishumi e-heroin kanye nemali eyi-R1806.00 kubasolwa. Kube sekuboshwa ibhungu elineminyaka engama-23 ubudala laphinde labekwa icala lokutholakala nezidakamizwa.

news@liveexpress.co.za

Credit: youtube.com

Related Posts