AboMkhonto we sizwe Military Veterans Association (MKMVA) bahloniphe amaqhawe omzabalazo ayibamba ishisa ngesikhathi sobandlululo emcimbini obuwubukhazikhazi, Amadelakufa Awards 2016 mhla ziyi-6 kuFebhuwari, ngoMgqibelo.
Lo mcimbi obubanjelwe e-Greyville Convention Centre (GCC), ngaphandle kancane kwedolobha iTheku, ububanjwe ngokubambisana i-MKMVA esifundazweni iKwaZulu Natali kanye nehhovisi likaNdunankulu kuso lesi sifundazwe.
Amakhulu ngamakhulu ezishoshovu ezalwela inkululeko, imindeni yazo kanye nezinye izimenywa bagcwalise phama i-GCC ukuzokwamukela izindondo kanjalo nezinkulumo ezivela kubaholi abaphezulu eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC) kanye nakuhulumeni.
Phakathi kwabanye babaholi abebehambele lo mcimbi kubalwa uNdunankulu wesifundazwe KwaZulu Natali, uMnumzane Senzo Mchunu, uMgcinimafa Jikelele kwi-ANC, Dokotela Zweli Mkhize, uNgqongqoshe eMnyangweni weZempilo KwaZulu Natali, uDokotela Sibongiseni Dhlomo, uNgqogqoshe eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natali, uNkosikazi Weziwe Thusi kanye nalowo owabe enguMkhuzi wamaphoyisa kaMasipala i-Ekurhuleni Metropolitan Municipality futhi awabe eyilunga lo Mkhonto wesizwe ngesikhathi sobandlululo, uMnumzane Robert McBride.
Nalu uhlu lwabantu abahlonishiwe kanjalo nemikhakha abahlonishwe kuyo
Umkhakha: iSANDLWANA
Clopas Melayibone Ndlovu
Joe Mkhonto Mkwanazi
Sagila Somthakathi Maphanga
Sam Mthembu
Qethu Mdluli
Thanduyise Henry Chiliza
Umkhakha: iNCOME
Gayo Nxumalo
Jabulani Walter Nxumalo
Ntsikelelo Mpeka
Mandla Makhanda Daka
Titus Kunene
Zithulele Mazibuko
Wanda Mhliphizi Bhengu
Edgar Zondi
Muzi Son Of Man Thusi
Nyaka Sthembiso
Umkhakha: HARRY GWALA
Qalokwakhe Sguqa Sithole
Alfred Duma
Umkhakha: BHAMBATHA
Bhukwane Ngwenya
Ndandi Mpontshane
Sibusiso Zikhali
Sipho Xulu
Nkosinathi Thenjayo
Masenti Nkuna
Umkhakha: NOBAMBA
Sipho Mkhumane
Ntela Skhosana
Bongani Mabaso
Maphumulo Mhlawumbe
Umkhakha: SEVEN DAYS WAR
Alfred Duma
Sayi Msweli
Umkhakha: GRIFFITS MXHENGE
Thamsanqa Fihlela
Umkhakha: SPECIAL AWARDS
Zweli Mkhize (uMgcinimafa Jikelele kwi-ANC)
P. Sokhela
N. Moyo
Chief Albert Luthuli (owabe enguMengameli we-ANC, ongasekho emhlabeni)
V. Madlala
D. Mayeni
G. Apelgrin
Nosiviwe Mapisa-Nqakula (uNgqongqoshe eMnyangweni wezokuVikela)
Gugile Nkwinti (uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweZindawo zaseMakhaya)
Senzo Mchunu (uNdunankulu kwaZulu Natali)
msizi@liveexpress.co.za