Udubulane namaphoyisa osolwa ngokuntshontsha izimoto

Ibhungu laseNanda, eZimangweni, entshonalanga neTheku, ebelifunwa uthuli ngamaphoyisa kuthiwa belisho ukuwaqeda nya amaphoyisa ngenganono.

Ngokusho kwabaka-South African Police Service (SAPS) leli bhungu elineminyaka engama-20 ubudala belifunwa mayelana namacala okuduna izimoto, ukuphakanga amabhizinisi kanye nemizi khona eNanda naseNtuzuma.

Abengalo yomthetho kuthiwa babikelwe ngalo mlisa obesexakile endaweni nokuthe bangafika endaweni yesigameko umsolwa wadubula kuqala ebhekise emaphoyiseni.  Emva kwalokho badudulane ngalo izulu lezandla kwagcina ngokuthi kulimale umsolwa emlenzeni.

Ube esebanjwa waphucwa isibhamu wase ephuthunyiswa esibhedlela. Lesi sibhamu sisazoke siyohlolwa ukuthi asihlobene yini nala macala omsolwa asolwa ngawo.

Khonamanjalo amaphoyisa ase-Hillcrest ngokubambisana nophiko lwe-Shongweni K9 Unit kanye namalunga e-Community Policing Forum abophe umlisa okuthiwa bese kunesikhathi eside ewuhlupho kumabhizinisi ase-Bothas Hill.

Kuthiwa amaphoyisa athole umbiko mayelana nabalisa ababili abebephethe izimpahla ezebiwe. Emva kwalokho kube sekuphunywa umkhankaso kuthungathwa abasolwa. La balisa kuthiwa bathe bangabona amaphoyisa badla phansi ngezinyawo. Oyedwa ligcine limshonele kwathi omunye yena wagcina ephunyulile.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uxwayise izigebengu ukuthi umphakathi angeke uzivumele ukuthi zizenzele umathanda nje emphakathini wabo. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ungalokothi uthenge izinto ezintshotshiwe.

 

news@liveexpress.co.za

Credit: youtube.com

Related Posts