Ayaziqhenya ngokuvalela abadlwenguli amaphoyisa eKZN

Amaphoyisa esifundazweni iKwaZulu Natali azishaya isifuba ngemiphumela yawo ekuvaleleni futhi kuphinde kugwetshwe abasolwa emacaleni okudlwengula.

Uphiko lwe-KwaZulu Natal Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Units luthi lukwazile ukuthola izigwebo zodilikajele emacaleni abethethwa ezinkantolo ezehlukene e-KZN ngenyanga kaJanuwari nje kuphela.  Ibalelwa kuma-306 iminyaka egwetshwe abasolwa isiyonke ngokulahlwa amacala abebebhekene nawo.

Lokhu kwenzeke emveni kokuthi kuboshwe abasolwa abangama-369 esifundazweni sonkana kwase kwathi abangama-27 bona balahlwa amacala.

Amacala okuyiwona abebonakala edla lubi awokudlwengula, ukuzama ukudlwangula, ukuthumba, ukuhlukumeza ngokocansi kanjalo namanye amacala ahlobene nokudlwengula. Emacaleni  abikwa phakathi  konyaka wezi-2009 nowezi-2014 bakwazile ukuthola odilikajele abathathu.

Inkantolo yase-Port Shepstone ikwazile ukuthola uThemba Dlamini (38) enecala futhi yaphinde yamgweba udilikajele. uDlamini ugwetshwe ngamacala okudlwengula intombazanyana eyayineminyaka eyi-6 ngaleso sikhathi endaweni yaseMkholombe esigamekweni okuthiwa senzeka ngo-Januwari 2009.

Inkantolo yaseMtubatuba yona igwebe uSibonelo Ngobese (20) ngokudlwengula intombazanyana eneminyaka eyi-10 endaweni yase Mduku Reserve.

Umlisa wase Mgababa, eNtambanana, eduze naseMpangeni naye akasindanga engalweni yomthetho. Lo mlisa oneminyaka yobudala engama-32 kuthiwa ubelokhu ezitika nje ngomshana wakhe waze wakhulelwa kusukela ngenyanga kaMandulo 2013 kwaze kwalamula ukuthi aboshwe. Inkantolo yaseMpangeni ivele yamgixabeza ngodilikajele ababili lo mlisa emva kokulahlwa amacala.

uKhomishana wamaphoyisa e-KZN, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uncome kakhulu lolu phiko lwamaphoyisa ngokubamba abasolwa kodwa wazwakalisa ukukhathazeka ngokungaphephi kwabantu besifazane kanye nezingane abasahlala nazo izigilamkhuba emakhaya. “Siyabanxusa abazali ukuba banakekele ngokukhethekile futhi baqinisekise ukuthi izingane zabo azikho ebungozini  balobu bugebengu njengoba isikhathi esiningi izisulu zamacala aphathelene nokudlwengula zisuke zigilwe umuntu oseduze nazo,” kusho uNgobeni.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Credit: Pixabay.com

Related Posts