uMasipala uzoxhasa ngemali Amantshontsho kaMaskandi Awards

uMasipala weTheku uthathe isinqumo sokuxhasa ngemali Amantshontsho kaMaskandi Awards nokuzobe sekungawesithathu selokhu asungulwa. Ilinganiselwa kwi-R466 306.80 imali okuzoxhaswa ngayo lo mcimbi ozokube ubanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International and Convention Centre ngoMgqibelo mhla zingama- 20 kuFebhuwari 2016.

 

Kusenjalo lo Masipala uphinde wathatha isinqumo sokuxhasa ngemali imicimbi eyehlukene ezobe isingethwe inkundla yezemidlalo i-Moses Mabhida Stadium kulo nyaka wezezimali.

 

Kule micimbi kubalwa imidlalo yebhola lezinyawo kanye nama-concert ehlukene. uMasipala ukholwa ukuthi lokhu kuzoba nomthelela omuhle kwiDolobha kanjalo nakwizakhamuzi.

news@liveexpress.co.za

Related Posts