Badubulane namaphoyisa kubangwa imoto entshontshiwe

Abalisa abane abebesolwa ngokweba imoto batholane phezulu ngenganono namaphoyisa ase-Mariannhill, ngaphandle kwase-Pinetown.

Lokhu kulandela isigameko esenzeke mhla zinhlanu ku-Febhuwari 2016 emva kwehora lesikhombisa kusihlwa nalapho  umlisa adunwa khona imoto yakhe yohlobo lwe-Hyundai i10 ngamadoda amathathu angaziwa ayehlome ngezibhamu. Kuthiwa labalisa badubula umnikazi wemoto emlenzeni maqede bakhala bemuka ngemoto yakhe.

Wabe esephuthunyiswa esibhedlela ukuze ayoxilongwa kwaphinde kwavulwa necala lokuduna imoto kanye nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eManzimtoti.

Ngosuku olulandelayo amaphoyisa kanye nabenkampani elandela umkhondo wezimoto (tracking company) bathola lemoto endaweni yaseTshelimnyama, khona e-Mariannhill.  Nokho yayingeyodwa njengoba yayigwele abalisa abane abahlomile. Ngokusho kwamaphoyisa laba basolwa kwaba ukuwabona nje amaphoyisa badubula kuqala bebhekise kuwona. Emva kwalokho zidudulane ngalo izulu le zandla nokuphethe ngokuthi oyedwa wabasolwa adubuleke emlenzeni, abanye badla phansi.

Lo mlisa wabe eseboshwa, waphuthunyiswa esibhedlela nalapho ezoqashwa ngeso lokhozi kanti isibhamu naso sithathiwe. Uzobhekana necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukuzama ukubulala kanye nelemoto eyebiwe.

Ukhomisaha wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, usenxuse laba basolwa ukuba bazinikele emaphoyiseni ngoba amaphoyisa asezithendeni zabo. “Ngijabule ngoba akekho olimalile emaphoyiseni ngenkathi bebhekana,” kusho uNgobeni.

msizi@liveexpress.co.za

Credit: youtube.com

 

Related Posts