Kutholwe izibhamu ezingekho emthethweni eMsinga

Amaphoyisa aseMsinga ngokubambisana nawese-Pietermaritzburg azithole esevundulula izibhamu ezingekho emthethweni emkhankasweni obuqhutshwa kuleya ndawo mhla ziyi-8 ku-Febhuwari 2016.

La maphoyisa abesethole umkhondo mayelana nezibhamu ezingekho emthethweni esigodini saseSampofu , khona eMsinga. Abe esengena umuzi nomuzi enza uphenyo nalapho kugcine ngokuthi kuboshwe abasolwa ababili okungoneminyaka engama-21 kanye nonengama-58 emva kokubanjwa oqotsheni nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Umsolwa wokuqalad, oneminyaka engama-21, uboshwe ngezikhathi zehora lokuqala ekuseni khona eSampofu emva kokutholakala nesibhamu sohlobo lwe-CZ 7.65 kanye nezinhlamvu.

Owesibili yena uboshwe ngezikhathi zehora lesithathu ekuseni, khona eSampofu. Lo mlisa oneminyaka yobudala engama-58 yena utholakale nesibhamu sohlobo lwe-9mm endlini.

Esinye isibhamu sohlobo lwe-shotgun sona sitholakale silahliwe khona endaweni.

 

news@liveexpress.co.za

Related Posts