Ugwetshwe iminyaka engu-10 owabulala ibhungu (18) kwaNongoma

Inkantolo yeMantshi yakwa Nongoma igwebe ibhungu elineminyaka engama-24 ubudala iminyaka eyishumi kulandela ukulahlwa ngamacala okubulala eilinye ibhungu elineminyaka eyi-18 ubudala khona kwaNongoma.

uSigcino Nxumalo, okungowakwaNongoma, usolwa ngokubulala  uSiyabonga Mhlongo esigodini sakwaNyakanyaka, kwaNongoma. Kuthiwa laba bobabili babehambele umcimbi komunye umuzi endaweni.

Ngezikhathi zehora lesikhombisa kusihlwa kuthiwa kwasuka esinamathambo ngenkathi leli bhungu lakwaNxumalo lihlasela leli lakwaMhlongo. Kuthiwa lamgwaza i esifubeni nokwaholela ekutheni agcine eshonile ngenxa yobucayi benxeba.

Emva kwalokho kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa kwaNongoma nokwaholela ekutheni uNxumalo aboshwe ngosuku olulandelayo. Ubelokhu evela enkantolo yematshi yakwaNongoma izikhathi eziningi kwaze kwaba uyagwetshwa.

news@liveexpress.co.za

Credit: Pixabay.com

 

Related Posts