Udilikajele kowadlwengula, wathumba owesifazane

Uzodonsa iminyaka eyishumi ebhadla ejele umlisa wase-Mtunzini Nkonjane Reserve kulandela ukulahlwa ngamacala okudlwengula, ukuthumba kanye nokubamba inkunzi.

Mhla zinhlanu ku-Agasti 2013, owesifazane oneminyaka engama-25 ubudala wayehamba emgwaqeni nesoka lakhe ngenkathi kuvele kuma imoto emhlophe eduze kwabo. Kwabe sekuphuma umlisa wabakhomba ngesibhamu. Isoka lakwazi ukuphunyula labaleka kodwa lo wesifazane wasala waphoqwa ukuba angene emotweni.

Kuthiwa lo msolwa wayishaya yazula imoto iya lapho kungaziwa khona nalapho okuthiwa wabe esemdlwengula waphinde wamphuca ucingo lwakhe, maqede wabaleka.

Isoka lalo wesifazane kuthiwa lakwazi  ukuthatha izinombolo zemoto labe selibika udaba esiteshini samaphoyisa e-Mtunzini.

Umsolwa wagcina eboshiwe mhla ziyi-19 ku-Okthoba 2013 ngamacala okudlwengula, ukuthumba kanye nokubamba inkunzi. Ubelokhu evela enkantolo yase-Mpangeni izikhathi eziningi kwaze kwaba uyagwetshwa.

Kwesinye isigameko esifuze lesi, inkantolo yase-Pietermaritzburg igwebe umlisa wase-Richomond iminyaka eyi-8 ngamacala okudlwengula umshana wakhe oneminyaka engama-37 ubudala.

Mhla lulunye ku-Novemba 2014 lo wesifazane wayezilalele ekhaya lakhe elisesigodini sase-Sigcakini, khona e-Richmond. Kuthiwa umsolwa wangena egunjini lakhe wamhlula ngamandla wase emdlwengula.

Umsolwa wabe esebikela umama wakhe yena owayelele kwenye indlu ngenkathi kwenzeka isigameko.

Kwabe sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa e-Richmond, ladluliselwa e-Plessislaer ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Ligcine limlahlile umsolwa, wagwetshwa.

Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali uthi bewumbutho kuyabajabulisa ukuvalelwa kwabadlwenguli ngoba kuqinisekisa ukuthi ikusasa labo balichitha ejele.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Credit: Pixabay.com

Related Posts