Uzovela enkantolo umsakazi kwelokulimaza impahla

Uzophinde avele enkantolo yase Verulam mhlaziyi-18 ku-Febhuwari umsakazi wesiteshi somphakathi, iZwi lo Mzansi 98.0 FM, ngamacala okulimaza impahla kanye nokulimaza umuntu.

uSfiso Sibisi, oshayela uhlelo lwezingxoxo kulo msakazo, i-Sfiso Sibisi Talks, phakathi kwehora lesithupha kuya kwelesikhombisa, usolwa ngokujikijela ngetshe i-truck lenkampani ezinze e-Phoenix, i-Tradeport kanye nomshayeli walo. Kuthiwa lokhu kwadala umonakalo ongango-150 000 wamaRandi.

Nokho lo msakazi usamile kwelokuthi uboshelwa amanqina enyathi abaphathi benkampani behlangene namaphoyisa khona ezoyeka ukulandelela izindaba zabasebenzi ezithinta le nkampani.

uSibisi watshela i-LIVE Express ukuthi ngosuku okuthiwa kwenzeka ngalo isigameko akazange alubhade emagcekeni ale nkampani. Uthi wagcina ukuya khona ngesikhathi kunesiteleka sabasebenzi ngo-Juni 2015 kanti isigameko kuthiwa senzeka ngo-Septhemba 2015.

Iningi labalaleli bohlelo lwalo msakazi selizwakalise ukumeseka uSibisi lathi futhi lizophuma ngobuningi ngosuku lwecala njengoba bekholwa ukuthi lihambisana nokucwaswa nokuhlukunyezwa kwendlu emnyama abohlanga lwamaNdiya.

msizi@liveexpress.co.za

Related Posts