Zibakhalele abalisa ababili ababhadanywe nezibhamu ezimbili kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni esigodini sakwaSanti, e-Marianhill, ngase-Pinetown.
Uphiko lwe-National Mobile Train Unit beliqhuba umkhankaso kule ndawo nalapho lulunywe indlebe ngalaba balisa abanezibhamu ezingekho emthethweni . Babe sebenikela endlini yalaba solwa abaneminyaka engama-36 kanye nengama-37 ubudala.
Ngesikhathi besapequlula kule ndlu bazithele phezu kwenhlokohlela yesibhamu sohlobo lwe-shotgun kanye nesohlobo lwe-9mm. Baphinde bathola nezinhlamvu ezimbili khona lapho.
Image: SAPS