Udilikajele kodlwengule ingane ena-10

Inkantolo yaseMlazi imgwebe udilikajele umlisa oneminyaka engama-30 ubudala ngokudlwengula intombazanyana eneminyaka eyi-10 ubudala, eZimbokodweni Reserve, KwaMakhutha.

u-Macdonald Mtembeniza, oneminyaka engama-30 ubudala kuthiwa waqala ukugila lo mkhuba ngo-January 2015. Kuthiwa u-Mtembeniza wabizela le ntombazanyana endlini nalapho abe eseyidlwengula khona. Kusolwa ukuthi waphinde wayisabisa ngokuthi uzoyibulala uma ike yathi vu.

Kuthiwa lokhu kudlwengulwa kwale ntombazane bekulokhu kuqhubeka kwaze kwaba iphekwa ngemibuzo ngumuntu omdala owaqaphela ukuthi kukhona okushaya amanzi.

Ngo-April 2015 le ntombazanyana igcine isivulile isifuba, yanekela umuntu omdala lonke udaba. Yathi umsolwa ubenokuyithatha ekhaya lakhe, uma ngabe umama wayo esemsebenzini, ayinukubeze ngokocansi.

Emva kwalokho kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa KwaMakhutha. Umsolwa wabe eseboshwa, kwaqala nokuthethwa kwecala lakhe nokuphethe ngokuthi agwetshwe udilikajele.

uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uthumele isexwayiso kubadlwenguli wathi bazokwenza konke ukuze babolele ejele.

news@liveexpress.co.za

Credit: Pixabay.com

Related Posts