Babanjwe nensangu igcwele iveni

Luphazamisekile uhambo lwabalisa ababili ababanjwe oqotsheni ngamaphoyisa bethutha insangu beyigcwalise evenini, eManguzi.

Laba balisa abaneminyaka engama-27 kanye nengama-42 ubudala babanjwe namasaka  angama-39 egcwele phama insangu kanti isaka ngalinye beliyisisindo esingu-50kg. Isiyonke le nsangu ilinganiselwa enanini lika R2 million.

Bebona ukuthi ilanga libashonele kuthiwa la balisa bazame ukugwazela iphoyisa kodwa kwabhimba. Okunalokho bagcine sebezidonsela amanzi ngomsele njengoba kwengezwe necala lokugwazela emacaleni ababekwe wona phezu kwaleli lokutholakala nomthunzi wezinkukhu.

Kwesinye isigameko esenzeke kuyo le ndawo, amaphoyisa avalele abalisa abathathu ngamacala okubamba inkunzi kanye nokweba.

Ukuboshwa kwalaba basolwa kulandela isigameko lapho abalisa abathathu abebehlome ngobhushu bebambe inkunzi unogada, bathatha nezinto zakhe, esigodini saseThengani. Lo nogada ubesemsebenzini egade isiphehli mandla sikagesi.

Emva kwesikhashana ubonile ukuthi amakhebula kagesi antshontshiwe wabe esebika udaba emaphoyiseni. Kube sekuvulwa icala nokuthe emva kophenyo bagcina beboshwe bobathathu abasolwa kwaphinde kwatholakala nekhebula ebelintshontshiwe.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uthi imikhankaso yamaphoyisa yokulwa nezigilamkhuba isazoqhubeka kanti futhi bazolwa nokusetshenziswa kwezwe ukushushumbisa izinto ezisuke zintshotshiwe, ziphuma noma zingena kuleli.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Credit: SAPS

Related Posts