Udilikajele kubaba odlwengule indodakazi

Ugwetshwe udilikajele umlisa oneminyaka engama-45 ubudala kulandela ukulahlwa ngamacala okudlwengula indodakazi yakhe angayizali, eneminyaka eyi-13 ubudala.

Kulesi sigameko kuthiwa le ndodakazi yayilele egunjini layo ngenkathi kungena umsolwa. Kuthiwa wayithatha wayisa kwenye indlu nokuyilapho okuthiwa wabe eseyidlwengula khona.

Umama wendodakazi wathuka ethi uyavuka ebona indoda yakhe ingekho embedeni. Wabe eseyiqalaza kwamanye amagumbi . Wathuka kakhulu uma esethola ukuthi nendodakazi yakhe nayo ayikho egunjini layo. Waqhubeka wabheka kwamanye amagumbi aphezulu nalapho afike ashaqeka ebhadama umyeni wakhe nendodakazi benqunu.

Emva kwalokho wathatha indodakazi yakhe ukuze iyohlolwa ngudokotela nokuyilapho kwafike kwaqinisekiswa ukuthi idlwenguliwe. Kwabe sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa e-Plessislaer.

Indodakazi kuthiwa yahlanza konke kubaseshi mayelana nesigameko nokwaholela ekutheni umsolwa agcine egwetshwe udilikajele inkantolo yase-Pietermaritzburg.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uzwakalise ukudumala ngesenzo somsolwa wathi kuyashaqisa ukuthi lo muntu okunguye okumele aqinisekise ukuthi indodakazi ihleli kahle nguyena osebenzise kabi ukuthenjwa kwakhe.

news@liveexpress.co.za

Pixabay.com

Related Posts