Zibakhalele ‘ababambe inkunzi’ othutha imali

Agcine ephelile amahlathi kubalisa abahlanu abebefunwa uthuli ngamaphoyisa kulandela ukubamba inkunzi unogoda wemoto ethwala imali, babaleka nemali.

Kusolakala ukuthi lo nogada wakwa-G4S wayehamba eqonde kwi-ATM, ephethe imali ngenkathi bevinjezelwa abasolwa ebebehlome bezingovolo. Kuthiwa abasolwa bamphuca isibhamu base bakhala bemuka nesamba semali engadalulwanga, bebaleka ngezinyawo.

Kwabe sekuvulwa icala lokuphanga kuhlonyiwe esiteshini samaphoyisa e-Pietermaritzburg.

Mhla ziyi-16 ku-Febhuwari 2016 amaphoyisa ophiko lwe-eThekwini Region Crime Intelligence Task Team lubambisene ne-National Mobile Train Unit kanye nophiko lwama-Hawks e-Pietermaritzburg abephume ngezinkalo eNanda, Ntuzuma, KwaMashu, Umlazi, Mpumalanga KZN kanye nasezindaweni ezakhele i-Pietermaritzburg. Inhloso bekuwukuzingela bona laba solwa .

Kuze kwababhedela abasolwa njengoba ezikaDalawane zibuye nabo bephila zaqede zabavalela ngamacala okuphanga kuhlonyiwe, ukutholakala nezebhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlavu kanjalo nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe.

Kulo mkhankaso kutholakale imoto yohlobo lweKia bakkie kanye ne-Toyota Avanza okusolakala ukuthi ibintshontshwe e-Mayville. Kutholwe nesibhamu sohlobo lwe-9mm, i-Rossi .38 kanye nezinhlavu eziyi-112.

Kuphinde kwatholakala nemali okusolakala ukuthi yathathwa ngesikhathi kubanjwa inkunzi unogada.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo maduzane ngamacala okuphanga kuhlonyiwe, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlavu kanye nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi intshontshiwe.

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts