Zimkhalele obanjwe nenqwaba yamabhokisi kagwayi

Ulale ebaliwe umlisa wasehostela laKwaMashu kulandela ukubhadanywa abakwaSidlodlo namabhokisi kagwayi ayi-18, nalinganiselwa ku-R200 000 ngokwenani lasemgwaqeni.

Ukuboshwa kwalo wesilisa kulandela umkhankaso obuqhutshwa uphiko lwe-Durban K9 Unit kanye nabaseshi KwaMashu.

EzikaDalawane zigaleleke kungazelele muntu endlini yalo mlisa emva kokulunywa indlebe mayelana nezenzo zalo mlisa.  Ube eseboshwa ngaso leso sikhathi, wabekwa icala lokutholakala nempahla eyetshiwe.

Kusazophenywa ukuthi lo mlisa akathinteki yini ezigamekweni lapho kudunwa izimoto ezithutha ugwayi.

Kwesinye isigameko kuboshwe izithandani ngezinsolo zokuntshontsha isibhamu kanye nobucwebe emzini womqashi.

Kusolakala ukuthi owesifazane obesebenza njengomsizi wasendlini ku-Howell Road, e-Sydenham, untshontshe isibhamu somqashi wakhe kanye nobucwebe.  Umqashi wathi angabona ukuthi izinto zakhe azisekho, wabikela amaphoyisa nokuyilapho kwabe sekuvulwa khona icala lokuntshontsha ukuze kuphenywe.

Kuthiwa lo wesifazane ubesebhace eNanda nokuyilapho kuthiwa ugcine eboshelwe khona emva kokuthi amaphoyisa ephume umkhankaso wokumthungatha. Ube esegonyuluka, watshela amaphoyisa ukuthi impahla entshontshiwe ilapho kuhlala khona isoka lakhe.

Nangempela butholakele ubucwebe, isibhamu sohlobo lwe-9mm, i-revolver kanye nezinhlamvu ezingama-49. Isoka nalo liboshwe ngaso leso sikhathi.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni,  uxwayise ngokuthi ubugebengu abukhokheli wathi izigebengu kumele zazi ukuthi isigcino zizobanjwa.

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts