Zitholwe eMlazi izimoto (3) ebezintshontshiwe

Izimoto ezintathu ebezintshontshwe ezindaweni ezahlukene eThekwini zitholwe elokishini Umlazi, eNingizimu neTheku kulandela umkhankaso wokuthungatha lezi zimoto obuqhutshwa amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Hijacking Unit kanye nabe Tracker South Africa.

Lezi  zimoto okuyi-Hyundai i10, Toyota Corolla kanye ne-VW Polo Vivo bezidunwe eMbilo, eSipingo kanye nase-Pinetown mhla ziyi-18 kuFebhuwari 2016.

Abasolwa kuthiwa namanje basagcwele amathafa.

news@liveexpress.co.za

Credit: SAPS

Related Posts