Usale enkundleni umsolwa kudutshulwana namaphoyisa

Umlisa obesolwa ngokubamba inkunzi emzini ose-Westville, ngaphandle kweTheku, udutshulwe ngamaphoyisa wafa.

ngoLwesibili mhla zingama-23 kuFebhuwari 2016, ngezikhathi zehora lesithathu ntambama kuthiwa owesifazane ubelele endlini yakhe ese-Westville ngenkathi engenelwa abalisa abathathu abebehlome beyizingovolo. Kuthiwa baqale bambopha base bezithathela empahleni esendlini kagesi kanye nezimoto ezimbili egcekeni ngaphambi kokuba bashaye bachithe.

Kube sekuvulwa icala lokubamba inkunzi esiteshini samaphoyisa e-Westville, kwaqala uphenyo.

Amaphoyisa ase-Westville, awaKwaDabeka kanye nophiko lwe-Durban K9 Unit, balandele umkhondo wabasolwa nobaholele KwaDabeka. Nangempela bafike bazithola izimoto ebezebiwe zifihliwe kule ndawo. Kodwa-ke akubanga lula njengoba ukufika kwamaphoyisa kube ukusuka kwempi.

Ngokwamaphoyisa, abasolwa ibona abagadle kuqala ngenganono bebhekise kuwona. Kube sekududulwana ngalo izulu lezandla nokuphethe ngokuthi kudubuleke oyedwa wabasolwa kanzima, washona. Kuthiwa abanye abasolwa bakwazile ukubaleka ngezinyawo kanti namanje basagcwele amathafa.

Izimpahla ebezintshontshiwe nazo zitholakele okubalwa kuzo i-tv, ama-cellphones kanye nama-laptops.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uncome kakhulu amaphoyisa ngokuthola lezi zimpahla ebezilahlekile wathi bazosebenza kanzima ukuthungatha abasolwa ababalekile.

views@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

Related Posts