Inkulumo ebibhekwe ngabomvu yesabelo sezimali ilandelwe ukwehla kwamandla eRandi laseNingizimu Afrika uma liqhathaniswa nezimali zakwamanye amazwe.
Ngaphambi kokuba uNgqongqoshe wezezimali, u-Pravin Gordhan, athule i-Budget Speech ka-2016, iRandi belihleli ku-R15.21 uma liqhathaniswa neDola laseMelika. Kodwa ngezikhathi zehora lesine ntambama, emva kwenkulumo ebiqale ngehora lesibili, iRandi libonakale ligijima ku-R15.66 uma liqhathaniswa nalo iDola.
Liphinde labonakala lehlelwa amandla uma liqhathaniswa nezinye izimali ezinkulu emhlabeni. Belingu-R17.11 uma liqhathaniswa ne-Euro lase laba ngu-R21.69 uma liqhathaniswa ne-Pound.
Abanye bakholwa ukuthi lokhu kungenxa yokuthi inkulumo ka-Gordhan ayigculisanga kubatshali bezimali.
Nokho uMnyango wakhe ukholwa ukuthi ukwehla kweRandi kungumphumela wokwehliswa kwezinga lezwe, i-Brazil, ngokwesimo somnotho kanjalo nozinzo nobikwa ukuthi kwenziwe abakwa-Moody’s.