Kutholwe izimvu (28) ‘ezebiwe’ e-Kokstad

Amaphoyisa ase-Kokstad ngokubambisana nophiko lwe-Stock Theft Unit bathole izmvu ezingama-28 kuyo le ndawo nokusolakala ukuthi bezebiwe.

Ukutholakala kwalezi zimvu kulandela ukubikelwa kwamaphoyisa mayelana nazo ngenxa yokusoleka kwazo.

Amaphoyisa abe esenikela kule ndawo ebigcwele lezi zimvu eduze nomfula. Zonke izimvu beziboshwe ngezintambo kanti ezimbili zazo bese zifile.

Akekho osaboshiwe ngalesi sigameko kanti amaphoyisa asecele nomangabe ubani olahlekelwe imvu ukuba avele ngaphambili ukuze akhombe okungeyakhe.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, usenxuse abanikazi bemfuyo ukuba babeke uphawu emfuyweni yabo ukuze kube lula ukuthola abanikazi bayo.

news@liveexpress.co.

Image: SAPS

Related Posts