Uboshwe ezobika icala ‘ogwaze’ iphoyisa

Umlisa osolwa ngokugwaza iphoyisa lase-Phoenix, ngaphandle kweTheku, uvalelwe ethi uzobika icala esiteshini samaphoyisa kule ndawo.

Mhla zingama-23 kuFebhuwari 2016, ngezikhathi zehora lesihlanu ekuseni leli phoyisa lalilinde imoto eya emsebenzini, esitobhini sebhasi e-Rydalvale. Kuthiwa umsolwa weza kuleli phoyisa kwase kwasuka ingxabano. Ngenkathi iphoyisa selithi liyaqhela umsolwa waligwaza amahlandla amaningi.

Leli phoyisa lakwazi ukufonela ozakwabo nokuyibona abamusa esebhedlela.

Kuthiwa umsolwa uzithelile ngenkathi esefika esiteshini samaphoyisa e-Phoenix ethi uzobika mayelana nesigameko sokubamba inkunzi. Uvalelwe ngaso leso sikhathi kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngecala lokuzama ukubulala.

news@liveexpress.co.za

Related Posts