Udilikajele kowadlwengula esabisa nge-screwdriver

Ugwetshwe udilikajele umlisa obebhekene necala lokudlwengula owesifazane  oneminyaka engama-20 ubudala ehlome nge-screwdriver.

uThabiso Dludla, oneminyaka engama-30 ubudala, wahlasela lo wesifazane ngenkathi elele nengane yakhe. Wasabisa ngokuthi uzoyibulala le ngane uma unina engenzi lokho akufunayo. Kuthiwa wabe esemdlwengula waphinde wamphoqa ukuba ayogeza emva kwesigameko.

Ngosuku olufanayo kubikwa ukuthi waqhubekela komunye umuzi nokuthiwa uphinde wazama ukudlwengula omunye wesifazane. Kuthiwa lo wesifazane wamemeza kakhulu nokwathi kungafika omakhelwane umsolwa wadla phansi kanti uzoshiya ucingo lwakhe ngemuva.

Ugcine ebanjiwe, waboshwa, esathi ubheka ucingo lwakhe.

Inkantolo yase-Verulam igwebe uDludla udilikajele ngecala lokudlwengula, iminyaka engama-20 kwelokuhlukumeza ngokocansi kanye nokugqekeza.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uthi basazoqhubeka nokuvalela abadlwenguli ejele ngoba iyona ndawo ebafanele.

msizi@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Credit: Wikipedia.org

Related Posts