Badubulane namaphoyisa ‘abebehlela ukubamba inkunzi’

Kubhede uhlelo kubalisa ababili okusolakala ukuthi bebephezu kwetulo lokubamba inkunzi e-Acaciavale, e-Ladysmith.

Mhla zingama-25 kuFebhuwari 2016, ngezikhathi zehora leshumi ebusuku, amaphoyisa ase-Ladysmith alandela umkhondo mayelana nolwazi abelutholile lokubanjwa kwenkunzi obekuhlelwe ngalobo busuku.

Ngenkathi esazungeza, la maphoyisa abe asezithela phezu kwemoto yohlobo lwe-Daihatsu, ebomvu kodwa ingenayo i-regristration number. Le moto yayimile, kukhona abantu ababili ngaphakathi.

Ngokusho kwamaphoyisa, athi angasondela eduze kwale moto, ecela nabasolwa ukuba baphumele ngaphandle, kwabe asezithintele. Kuthiwa umlisa owayehleli ngaphambili wawahlangabeza ngenhlamvu. Ngaleso sikhathi kuthiwa umsolwa owayeshayela waqala wasusa imoto. Amaphoyisa nawo aphendula ngayo inganono emva kwalokho kwaqala umasukelana ngezimoto.

Ebangeni elingelide imoto yabasolwa yabonakala ima ngokushesha, umshayeli yena wabalekela endaweni emnyama. Kwabe sekuboshwa umsolwa owayehleli eceleni nowatholakala nesibhamu sohlobo lwe-Z88 esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eziyi-13.

Ngosuku olulandelayo umsolwa wesibili obebalekile yena utholakale elele egcekeni lomuzi oku-Honeysuckle Road enenxeba lokudutshulwa esifubeni. Lo mlisa oneminyaka engama-31 ubudala kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoMsombuluko, mhla zingama-29 kuFebhuwari 2016 nalapho ezobe ebhekene namacala okuzama ukubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni uthi bafuna ukuziqeda izibhamu ezingekho emthethweni ezigcwele emigwaqeni.

msizi@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Credit: youtube.com

Related Posts