Iminyaka ewu-15 kowabulala isalukazi (73) ngokusikinya

Uzodonsa iminyaka eyi-15 ebhadla ejele umlisa  wakwaNongoma kulandela ukulahlwa yicala lokubulala isalukazi esineminyaka engama-73 ubudala ngokusikinya.

Mhla ziyi-14 ku-Okthoba 2014, ngezikhathi zehora lesithupha ekuseni, kwatholakala isidumbu sikaJabhile Mkhwanazi emzini wakhe osesigodini sase-Dabhazi , kwaNongoma. Lesi dumbu satholwa indodakazi yomufi.

Kwabe sekubikelwa amaphoyisa nokwabe sekutholakala ukuthi le salukazi sikinywe saze safa. Lokho kwafakazelwa nayizibazi ezabonakala emqaleni walo wesifazane.

Emva kokuvulwa kwecala esiteshini samaphoyisa kwaNongoma kwabe sekuboshwa uSthembiso Eric Ntombela. Ubelokhu evela enkanto izikhathi eziningi kwaze kwaba ulahlwa amacala, wagwetshwa.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, ukugxekile ukubulawa kwesalukazi singeke sikwazi ukuzivikela.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Credit: Pixabay.com

Related Posts