Bahlulekile bezama ukubamba othutha imali

Bahlangane nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili abalisa abayisithupha abebezama ukubamba inkunzi onogada bemoto ethutha imali eShowe.

ngoLwesibili, mhla lulunye kuMashi 2016, ngezikhathi zehora lesithupha ekuseni, kuthiwa onogada bemoto ethutha imali bebephuma emotweni ethutha imali beya emshinini wemali, i-ATM, kwesinye sezitolo ukuze bayofaka imali kuwona.

Kodwa-ke indlela yabo ebheke kwi-ATM isheshe yanqunyulwa njengoba bezithole sebevinjezelwa abalisa abayisithupha abebehlome beyizingovolo. Laba basolwa bazame ukubamba onogada amabhokisi abegcwele imali. Kuthiwa bebethi ababaqede nya onogada ngenganono befuna la mabhokisi.

Nokho bafike inyanga iphele ngempela njengoba onogada nabo bevele baphendula ngalo izulu lezandla nokuphethe ngokuthi kulimale oyedwa wabasolwa. Lo msolwa obe neshobolo ube eseboshwa ngaso leso sikhathi.

Laba abanye abasolwa kuthiwa babaleke bashiya izithunzi bengatholanga ngisho nesenti.

Emva kwesikhashana kwenzeke isigameko kube sekubikelwa amaphoyisa. Akubanga sikhathi esingakanani zabakhalela futhi abanye abasolwa ababili. Laba basolwa batholakale nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-9mm ezingekho emthethweni.

Kube sekuvulwa icala lokuzama ukubamba inkunzi, ukuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu esiteshini samaphoyisa eShowe.

Umsolwa odubulekile kuthiwa uqashwe ngeso lokhozi esibhedla.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo yeMantshi yaseShowe maduze.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uncome amaphoyisa aseShowe ngokuphendula ngokushesha nokuthi akwazi ukubopha abasolwa.

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts