Bekusho isibhamu empini yamaphoyisa nezigebengu eMall

Isibhamu nenhlamvu ukuphela kwento obekuphendulwana ngayo ngenkathi kutholana phezulu amaphoyisa neqembu labalisa abebezobamba inkunzi inxanxathela yezitolo, i-Bridge City Mall, KwaMashu, eNtshonalanga neTheku.

Mhla zimbili kuMashi 2016, emva kwehora lokuqala emini, kuvele kwagasela iqulu labalisa ebelihamba ngezimoto ezimbili zohlobo lwe-Toyota Fortuner kule-Mall. Kuthiwa laba balisa ebebengagayelwa mphako bagqekeze umnyango ongemuva kwesinye sezitolo maqede bangena ngaphakathi. Babe sebezitapela inqwaba yagwayi obukulesi sitolo.

Basuke lapho baqonda kwesinye futhi isitolo nalapho kuthiwa bafike batshala amabhomu okuqhumisa imishini yemali.

Kwenzeka lokhu nje amaphoyisa abesevele ebikelwe ngalesi simo abe asenikela khona ngokushesha.

Kuthiwa abasolwa kube ukuwabona nje amaphoyisa bawabingelela ngenhlamvu. AbakwaSidlodlo nabo babe sebephundula ngayo inganono nokuholele ekutheni abasolwa badle phansi bebona ukuthi ayingangabo.

Kulimale amaphoyisa amathathu ase aphuthunyiswa esibhedlela.

Izimoto ezimbili okusolakala ukuthi beziduniwe zigcine zitholakale eNanda, Newtown C kanti bezimbobombobo ngenxa yezinhlamvu.

Ngaleso sikhathi izinhlungu zokudutshulwa besezibabambe phansi abasolwa nokubaphoqe ukuba baye emtholampilo oseduzane. Amaphoyisa alunywe indlebe ngokufika kwabasolwa emtholampilo nokuyilapho efike abopha abasolwa abane.

Abasolwa abathathu bavalelwe esiteshini samaphoyisa KwaMashu kanti oyedwa yena ugadwe ngeso lokhozi esibhedlela.

Ngenkathi besesiteshini samaphoyisa kuthiwa oyedwa wabasolwa uzame ukuphuca iphoyisa isibhamu nokuholele ekutheni kusuke omunye futhi umdonsiswano ophethe ngokuthi umsolwa alimale kambi.

Kube sekuvulwa icala lokuzama ukubulala, ukuphanga kuhlonyiwe, ukuzama ukuphanga kuhlonyiwe kanye nokulimaza impahla.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo yemantshi yaseNtuzuma maduzane.

Abanye abasolwa ababalekile kuthiwa bazulelwa ngamanqe njengoba sekungenelele nophiko lwama-Hawks ukuze kuphenywe.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uncome amaphoyisa ngokusheshe aphendule abasolwa bengakayiqhumisi imishini yemali. Uphinde wazwakalisa ukulithemba lolu phiko lo Klebe ngokuthi lizobabamba bonke abasolwa.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts