I-Pirates ifundise iChiefs ibhola

Imizuzu emihlanu yokugcina emdlalweni wezinkunzi zase-Soweto, i-Orlando Pirates kanye ne-Kaizer Chiefs, ibukeka ibe ngenzima kuMakhosi kanye nabalandeli bawo kulandela ukuvithizwa yizimbangi zabo ezinkulu ngamagoli amabili eqandeni.

La maqembu abetholene phezulu emdlalweni we-Nedbank Cup Last 32 e-FNB Stadium. Baye kulo mdlalo kuvele kwaziwa ukuthi kukhona ozogcina eliwashile ijezi ukuze adlulele esigabeni esilandelayo, i-Last 16.

Womabili la maqembu ahluleke ancama ukubhakuzisa inethi ngesiwombe sokuqala yize noma ethole oqekelele ngokuhlukana.

Esiwombeni sesibili eziMnyama zenze izinguquko ezimbalwa nalapho kubonakale kungena uSifiso Myeni endaweni ka-Gift Motupa ngomzuzu ka-63. Ngomzuzu ka-70 uThabo Qalinge ungene endaweni kaLuvuyo Memela.

iMpofana nayo iphendulile kulezi zinguquko ebezenziwa iBhakabhaka njengoba ibe isifaka u-William Twala endaweni ka-George Maluleka.

Ngomzuzu ka-77 iBhakabhaka liqalile lathumela umyalezo oshubile kuMakhosi ngegoli elishaywe u-Tendai Ndoro.

Emva kwegoli umqeqeshi weziMnyama uqinise udonga lwezakhe ngokufaka u-Happy Jele ngomzuzu ka-82.

Ngomzuzu ka-84 ezikaMagebhula zishayele isipikili sokugcina njengoba kuphinde kwabuya yena futhi u-Ndoro ngonyazi lwegoli lesibili eliqhamuke kwi-free kick.

Ushintsho olwenziwe i-Chiefs ngesikhathi ikhipha u-Bernard Parker ifaka u-George Lebese, lufike emva kwendaba njengoba amanzi abesevele egcwele endlini, eziMnyama zizicanasela nje.

Ngemizuzu emihlanu yokugcina ebiyengezwe ngunompempe ezigaMagebhula zivele zagibela emakhanda aMakhosi, zishaya yonke inhlobo yesitayela, kuhwaze izihlwele. Ngaleso sikhathi abanye babalandeli bempofana bebebonakala bechiphiza izinyembezi.

Ukukhala kwendweba yikhona okulamulele iziMpofana njengoba u-Thabo Rakhale ubesezenzela umathanda, elitapeta kudume inkundla.

Umqeqeshi we-Chiefs, u-Steve Komphela, uzwakalise ukudumala ngokudliwa kwezakhe waphinde wakhala kakhulu ngamathuba abadlale ngawo. Kodwa-ke uzesekile ezakhe wathi zidlale kahle kakhulu ngaphadle kwamaphutha adale amagoli.

OweziMnyama yena, u-Eric Tinkler, ubonakale ejabule wathi umdlalo bawuqale kahle kanti futhi bazimisele ngokuthi le-season bayivale ngegiya eliphezulu wathi leli yilona thuba.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Related Posts