Oyedwa uzosala kowe-Derby

Ukuhlangana kwezinkunzi zase-Soweto, i-Orlando Pirates kanye ne-Kaizer Chiefs, emdlalweni wamaqembu angama-32 emqhudelwaneni we-Nedbank Cup kuzophoqa ukuthi kube khona owasha ijezi.

Lezi zinkunzi sezidume kabi ngokubulala abalandeli bazo ngendlala yamagoli noma zidlale ngokulingana.

Ukuhlangana kwalamaqembu kuzobe sekungokwesine njengoba besanda kutholana phezulu kumqhudelwano we-Telkom Knockout ngoNovemba 2016 nalapho ezimnyama zagcina zikhale ngaphansi.

Ziphinde zahlangana futhi emqhudelwaneni we-Absa Premiership ngoJanuwari nalapho umdlalo ugcine uphele ngo-1-1. U-Willard Katsande kanye no-Thamsanqa Gabuza yibo ababhakuzisa amanethi.

Lo mdlalo uzoqala ngehora lesithathu ntambama, ngoMgqibelo mhlaka-5 March 2016, e-FNB stadium.

Eminye imidlalo ye-Nedbank Cup imi kanje:

Steenberg United vs Platinum Stars

Wits vs Celtic

Arrows vs Milford FC

EC Bees FC vs Magesi FC

Ajax vs FS Stars

Tuks vs Polokwane City Rovers

Polokwane vs African All Stars

Chippa United vs Baroka FC

Highlands Park vs Sundows

 

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Related Posts