Livele lamshonela ilanga umlisa oneminyaka engama-34 ubudala kulandela ukubanjwa oqotsheni namaphakethe ezidakamizwa kanye nemali e-Leonards Ville, e-Ladysmith.
Uphiko lwe-Ladysmith Visible Policing lubhadame lo mlisa namaphakethe ayi-16 esidakamizwa okukholakala ukuthi yi-CAT. Lilinganiselwa ku-R4 800 inani lalezi zidakamizwa ngokwenani lasemgwaqeni.
Imali etholakale kulo mlisa kusolakala ukuthi iyathinteka ebugebengwini.
Umsolwa ubekwe icala lokusebenza ngezidakamizwa.
Image: SAPS