Kuboshwe abathathu ngemoto eyebiwe

Amaphoyisa ase-Ladysmith ebambisene nophiko lwe- Ladysmith K9 Unit azithele phezu kwemoto eyebiwe ngenkathi ezulazula enkabeni yedolobha kule ndawo.

La maphoyisa abone imoto emhlophe yohlobo lwe-Ford Laser emgwaqeni u-Princess Street, khona e-Ladysmith. Athe uma enza uphenyo ngokushesha athola ukuthi ike yabikwa njengemoto entshontshiwe  esigodini sakwaHlabane, e-Vryheid, ngenyanga kaDisemba ku-2015.

Kube sekuboshwa abasolwa abathathu abebekule moto nabaphakathi kweminyaka engama-22 kuya ku-24 ubudala. Babhekene namacala okutholakala nemoto eyebiwe.

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts