Iminyaka eyishumi kowadlwengula owayedinga usizo

Ugwetshwe iminyaka elishumi edonsa ejele umlisa oneminyaka engama-35 ubudala emva kokulahlwa amacala okudlwengula owesifazane oneminyaka engama-20 ubudala, e-Richards Bay.

Ngenyanga kaJanuwari kunyaka ka-2014 kubikwa ukuthi lo wesifazane owayehlala e-Gauteng waya e-Richards Bay ukuze ahlale khona futhi aphinde abheke nesikole ayezofunda kusona.

Esefikile e-Richards Bay wayalelwa ukuthi abonane noDumisani Ndlanzi ukuze amsize ngokuthola isikole. Kuthiwa uNdlanzi lo ungumholi odumile emphakathini.

Nangempela kuthiwa uNdlanzi wabe esefonela abantu abaziyo ukuze batholele lo wesifazane isikole njengokucela kwakhe. Emva kwalokho yaqala indaba njengoba umsolwa kuthiwa wabe eseyalela lo wesifazane ukuba amqabule nokuyinto angahambisanana nayo lo wesifazane.

Ebona umsolwa ukuthi lo wesifazane akenzi njengokusho kwakhe, kuthiwa wabe esemdlwengula.

Emva kwesigameko kuthiwa lo wesifazane wabe esevula icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa khona e-Richards Bay. Icala labe selidluliselwa ophikweni lwe-Empangeni Family Violence ,  Child Protection and Sexual Offences Unit ukuze kuphenywe kabanzi.

Ngalo usuku lwesigameko, kuthiwa umsolwa walala ebaliwe nalapho abekwa khona icala lokudlwengula.

Ubelokhu evela enkantolo izikhathi eziningi kwaze kwaba liyamulahla icala waphinde wagwetshwa iminyaka eyishumi ebhadla ejele.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts