‘ITheku lithi lizohlomula ngokuza kuka-Nicki Minaj no-TI’

Yize noma sekusuke umsindo nokugxekwa ikakhulukazi kumaqembu aphikisayo, uMasipala weTheku usuzwakalise ukuseseka isinqumo sokuxhasa ngemali umcimbi wokuhambela kwabaculi ababili baseMelika kuleli.

Abaculi be-Hip hop abayizintandokazi umhlaba wonke, uNicki Minaj kanye no-TI, bazotheleka kuleli njengoba bezobe benochungechunge lwemicimbi ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo nedolobha iTheku ngenyanga kaMashi.

u-TI, owaduma ngengoma i- Whatever You Like, kulindeleke ukuthi anandise e-Durban Botanical Garden mhla ziyi-11 kuMashi 2016 bese kuthi  u-Nicki Minaj, wodumo lwengoma i-Anaconda, yena anandise e-Moses Mabhida Stadium mhla zingama-20 kuMashi 2016.

Amaqembu aphikisayo asezwakalise ukungenami ngalokho akubize ngokumoshwa kwemali ekubeni izwe libhekene nezikhathi ezinzima. “Bazimisele ngokusebenzisa u-R3.7 million kubaculi baphesheya ekubeni sibhekene nokunqanyulwa kwamanzi. Uzolisiza kanjani iTheku uNicki Minaj?” ucashunwe ebuza kanje umholi we-Democratic Alliance (DA), uZwakele Mncwango, kwi-News 24.

uBongiwe Mtshali we-NFP naye uhambe emazwini kaMncwango. “Idolobha lizimisele ngokusebenzisa imali kubaculi baphesheya, ngenkathi abantu bebhikishela ukungabi khona kwezidingo,” kusho uMtshali.

Ngokwesitatimende esithunyelwe idolobha iTheku, iKomiti le-Economic Development and Planning liphakamise ukuthi iTheku lisingathe le micimbi. Lapha kuhlanganisa ne-Durban Picnic Day ezobe ingeMpelasonto yephasika.

iTheku lithi lemicimbi izodala ukuthi abantu beze ngobuningi babo kule dolobha bezochitha imali ezindaweni zokudlela, ezokuhlala kanye nezinye izonto ezenzeka eThekwini.

Ngaphezu kwalokho lithi le micimbi izodala imisebenzi yesikhashana  iphinde ibeke nedolobha kwibalazwe emhlabeni jikelele.

oyiSekela leMeya aphinde abe nguSihlalo we-Economic Development and Planning Committee, uNomvuzo Shabalala, uthi iTheku lizokwaziwa izwe lonke kanjalo nakwamanye amazwe.

“Yingakho nje savotelwa njengelinye lamadolobha ayisikhombisa ahamba phambili emhlabeni. Akusikho okokuqala sixhasa ngemali imicimbi ezobanjelwa eThekwini,” kusho uShabalala.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

Related Posts