Izidlele amahlanga iPirates kwiCosmos

i-Orlando Pirates ivele yazigwazela ibhece ngenkathi ibhekene ne-Jomo Cosmos emdlalweni we-Absa Premiership, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.

Kulo mdlalo amaBhakabhaka axebule ezeNkosi ngempama yamagoli amahlanu eqandeni.

Ezimnyama ngenkani zikhombise zisuka nje ukuthi zifuna ukuzoqeda nya nge-Cosmos. Emva kokungqongqoza isikhashana emapalini ezeNkosi, umdlali wasemuva, u-Ayanda Gcaba, ugcine eyibhakuzisile inethi wacishe wabhangqa unozinti we-Cosmos, Sherwyn Naicker, nepali ngomzuzu weshumi nje umdlalo uqalile

Kube wukuqala kwazo-ke izinkinga kwezikaMjomane njengoba kube sekulandela ikhadi elibomvu elitholwe umdlali wazo wasemuva, u-Cheslyn Jampies.

Yize noma iJomo kade seyixhugela, idlala ishoda, iBhakabhaka belingenazwelo njengoba u-Sifiso Myeni  ethole ibhola ebeliza emoyeni engaphazanyiswe muntu walivalela ngekhanda ngomzuzu ka-30. Ngomzuzu ka-39 kubuye uMpho Makola negoli lesithathu edonsa unyazi engaphandle kwebhokisi.

Umdlali osefomini kulezi zinsuku, u-Tendai Ndoro, naye akafunanga ukusala ngaphandle njengoba elethelwe ngesithebe nguzakwabo u-Edwin Gyimah, ovele wahudula abadlali be-Cosmos maqede wanikeze yena u-Ndoro ovele walithinta kancane nje ephambi kwepali, ladla inethi.

Kuyiwe ekhefini i-Pirates ihamba phambili ngamagoli amane eqandeni.

Yize noma bekulindeleke ukuthi ezikaMagebhula ziqhubeke lapho ebezigcine khona ngesiwombe sokuqala kodwa akubanga njalo njengoba uNdoro kanye no-Gift Motupa, ongene endaweni kaMyeni, bedlale ngoqekelele sebephambi kwepali. Kuze kwathi ngomzuzu ka-90 kwabuya yena uMotupa walivalela phakathi.

Umqeqeshi we-Cosmos, u-Jomo Sono, uzisholo yena ukuthi kufana nokuthi i-Pirates ibidlala yodwa ikakhulukazi emva kwekhadi elibomvu. Uphinde wavuma ukuthi ngesiwombe sesibili besebedlalela  ukuvika ukuthi eziMnyama zingabe zisashaya amagoli amaningi.

u-Eric Tinkler, ongumqeqeshi we-Pirates, uncome indlela ezakhe ezidlale ngayo wathi badlale kahle kakhulu ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Uthi iqembu lakhe seligcwele ukuzethemba manje wathi besekulula ngisho nokukhuluma nabadlali ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala.

msizi@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Related Posts