Baxolisile ngokudliwa yinduku abeChiefs

i-Kaizer Chiefs isikhiphe isitatimende nalapho ixolise khona kubalandeli baleli qembu kulandela ukuphenduka ukudla kwenduku emidlalweni emithathu ilandelana.

Abalandeli bamaKhosi basazikhotha amanxeba kulandela ukubhaxatshulwa yizimbangi zabo ezinkulu, i-Orlando Pirates; zaphinde zabakhipha emqhudelwaneni we-Nedbank Cup. amaBhakabhaka awagcinanga nje ngokushaya i-Chiefs kodwa aphinde ayibukanisa nezwe njengoba abadlali bawo base bezenzela umathanda, beshaya yonke inhlobo yesitayela abayithandayo kulo mdlalo.

Bathe besuka lapho baphindwa yi-Platinum Stars kowe-Absa Premiership, nayo osekuphele amathemba okuthi bayinuke.

Kamuva nje baphinde bashayelwa ekhaya yi-Asec Mimosas emdlalweni we CAF Champions League.

Kubukeka sengathi isibama emphinjeni manje abalandeli be-Chiefs indaba yokushaywa njalo nosekubenze baphenduka inhlekisa emphakathini nasezinkundleni zokuxhuma. Abanye babo bathi bamfuna ehambile umqeqeshi weqembu, u-Steve Komphela.

Nasi isitatimende esikhishwe i-Chiefs icela abalandeli ukuba behlise imimoya futhi babumbane ngalesi sikhathi esinzima:

The events that occurred on Saturday evening at the FNB stadium are unfortunate.

We understand and sympathise with our supporters venting their discontent given the loss of three consecutive matches, including the one that we were not supposed to lose on Saturday evening. This understandably led to all of us being frustrated and unhappy.

We understand the dissatisfaction but we appeal for patience and calm instead of demoralising the team and worsening the situation.

We acknowledge that we are going through a tough spell. The team is not performing optimally, but this is the time when we need the supporters to come together and uplift our troops.

The technical team and the players are equally saddened and concerned with the recent performances. We are all doing everything possible to get the team to its normal state.

We have experienced this misfortune in the past and we will do our best to get back to winning ways. We appeal once more to our supporters to rally behind us, stick with us and together we shall overcome.

We are very sorry that we find ourselves at this point, but believe we can triumph together. We are in this together!

Amakhosi 4 Life!

views@liveexpress.co.za

msizi@liveexpress.co.za

Related Posts