Kusinde abathathu kugingqika imoto

Abantu abathathu basinde ekulimaleni ngenkathi imoto abebehamba ngayo, eyi-bakkie, igingqika emgwaqeni u-N2, e-Twini Hill, ngaseManzimtoti, eNingizimu neKwaZulu Natali.

Ngokombiko wabezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 bafike endaweni yesigameko bafica leli-bakkie livundle emgwaqeni, limile. Kusolakala ukuthi umshayeli wale moto uhluleke ukuyilawula nokuholele ekutheni iyoshayisa unqenqema lomgwaqo maqede yaphenduka amahlandla ambalwa.

Ngokombiko, bathathu abantu abebekule moto; abesilisa ababili kanye nowesifazane oyedwa. Bathole ukunyangwa ngabosizo lokuqala bakwa-ER24 nalapho kutholakale khona ukuthi bebenemihuzukwana nje.

Emva kokuthola ukuhlengwa kuthiwa bobathathu laba babe sebenqaba ukunikezwa olunye usizo kanjalo nokuthi bayiswe esibhedlela.

news@liveexpress.co.za

Credit: ER24

Related Posts