Ulimale kanzima umshayeli weloli liphaphalaza

Umlisa ongumshayeli weloli ulimale kanzima ngenkathi iloli abelishayela liphaphalaza, lishayisa unqenqema lomgwaqo emgwaqeni onguthelawayeka, u-N3 e-Hammarsdale, KwaZulu Natali.

Ngokombiko wabezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, bafike endaweni yesigameko bathola leli loli lilele libheke phezulu eceleni komgwaqo.

Bathe uma bebheka bathola ukuthi umshayeli ubelele ngaphakathi evalelekile futhi esesimweni esibucayi. Kuze kwadingeka ukuthi kusetshenziswe izingxawu kanye namanye amathuluzi ukuze kutakulwe lo mshayeli.

Emveni kokuthi etakuliwe ube esenikezwa ukwelashwa khona endaweni yesigameko ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela i-RK Khan Hospital ukuze athole okunye ukwelashwa.

Iziphathimandla kubikwa ukuthi ziyaphenya ngalesi sigameko.

news@liveexpress.co.za

Credit: ER24

Related Posts