Bashayise indlu abadune imoto kagwayi

Alihambanga kahle itulo labalisa abane abebezama ukuduna imoto ethutha ugwayi eMadadeni, ngaseNewcastle.

Kulesi sigameko esenzeke mhla ziyi-15 kuMashi 2015 kuthiwa amaphoyisa abesevele elunywe indlebe mayelana nokudunwa kwemoto ethutha ugwayi obekulindelekile. Abe esezilungiselela ngaphambi kwesigameko.

Ngaphambi nje kokuthi kushaye ihora lesikhombisa ekuseni kubikwa ukuthi abasolwa ababili badune le moto baphinde bathumba nomshayeli wayo.

Kwenzeka lesi sigameko nje amaphoyisa abuka konke okwenzekayo. Bathe bangabaleka abasolwa nemoto amaphoyisa abahlala ezithendeni, ebasukela ngemoto yawo.

Kodwa-ke lokhu kusukelana kuye kwafika esiphethweni njengoba abasolwa begcine sebehluleka ukulawula le moto ethutha ugwayi nokuholele ekutheni ishayise udonga lwendlu.

Kube sekuboshwa abasolwa ababili ngaleso sikhathi kwaphinde kwatholakala nemoto ebikade iduniwe. Le moto ibigcwele ugwayi olinganiselwa ku-R300 000 ngokwenani.

Emva kwemizuzwana embalwa kuphinde kwaboshwa abanye futhi abasolwa ababili abebehamba ngemoto yabo abebebaleke ngayo.

Bobane laba basolwa bazobekwa amacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nokuthumba. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi eMadadeni maduzane.

Ephawula ngalesi sigameko uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi basazoqhubeka nemikhankaso efanayo ukuze bagweme ubugebengu obufuze lobu esifundazweni.

msizi@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts