Iphinde yathola umpentshisi iChiefs

Ukudliwa yinduku kubukeka sekuba yinto ejwayelekile eqenjini elithathwa njenganelikhulu kunawo wonke kuleli, iKaizer Chiefs.

Lokhu kulandela ukushaywa yi-Jomo Cosmos ngegoli elilodwa eqandeni emdlwaleni we-Absa Premiership, ngoLwesibili ebusuku.

Abalandeli baMakhosi bebenethemba lokuthi bangase babuyise isithunzi esesiqala ukulahleka kulandela isibhaxu emidlalweni emithathu ilandelana ngaphambi kokubhekana neJomo nayo ebiphuma kwesayo isibhaxu kulandela ukuthelwa ngehlazo yi-Orlando Pirates, ebashaye ngamagoli amahlanu eqandeni.

Kodwa-ke wonke la mathemba avele abonakala eshabalala okwamazolo ebona ilanga njengoba i-Chiefs ihluleke yancama ukushaya inethi; okunalokho kuvele kwaqhamuka ezikaMjomane ngemizuzu yokugcina zashaya igoli.

Ukuphuka kwezinhliziyo zabalandeli baMakhosi bese kungokwesine imidlalo ilandelana nokuyinto engajwayelekile emlandweni wawo.

Ngaphambi komdlalo we-Cosmos, i-Chiefs yashaywa yizimbangi zayo ezinkulu, i-Pirates ngo-2-0 kowe-Nedbank Cup; yaphindwa yi-Plutinum Stars ngawo u-2-0 kowe-Absa Premiership; kwalandela i-Asec Mimosas yona eyihlule emdlalweni we CAF Champions League.

Lokhu kushaywa imidlalo ilandelana kuholele ekutheni leli qembu likhiphe isitatimende lapho ebelizixolisela khona kubalandeli balo ngokungadlali kahle laphinde labanxusa ukuthi babumbane futhi baleseke ngalesi sikhathi esinzima.

views@liveexpress.co.za

msizi@liveexpress.co.za

Related Posts