Zibakhalele abathumba umuntu, bamunenebula ngemvubu

Balale bebaliwe abalisa abathathu abasolwa ngokuthumba umuntu kanjalo nokushaya ngenhloso yokulimaza, KwaMashu, entshonalanga neTheku.

Mhla ziyisithupha kuMashi 2016, ngezikhathi zehora leshumi nambili emini, umlisa oneminyaka engama-47 ubudala wayehamba emgwaqeni uBhejane road ngenkathi evinjezelwa abalisa abayisithupha . Kuthiwa laba balisa bamsola ngokuthi untshontshe okuthile endlini yomunye wabasolwa.

Babe sebemthatha ngenkani bamusa kwenye yezindlu ezisesigcemeni sakwa-H khona KwaMashu. Kuthiwa kube ukufika kulendlu abasolwa bangenela lo mlisa ngemvubu, bemtalabha umzimba wonke.

Emva kwesigameko kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa KwaMashu ukuze kuphenywe.

Ngosizo lwezitatimende zofakazi zigcine zibakhalele abalisa abathathu baphinde babekwa amacala.

Amaphoyisa asethembise ngokuthi abanye abalisa abathathu abangakaboshwa nabo bazoboshwa maduzane.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali u-General Mmamonnye Ngobeni, uncome amaphoyisa ngokubopha abasolwa, waphinde wagxeka ukuzithathela umthetho ngezandla. “Ngiyasigxeka isenzo esifana nalesi lapho khona amalunga omphakathi ezithathela umthetho ngezandla. Ngiphinda nginxusa umphakathi ukuthi ulethe labo abathinteka ezenzweni zobugebengu emaphoyiseni kodwa bangabahlukumezi,” kunxusa uNgobeni.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

Related Posts