Kuphinde kwatholakala ezinye izidakamizwa eLadysmith

Izigameko zokutholakala kwezidakamizwa e-Ladysmith kanjalo nakwezinye izindawo ezakhele uThukela zibukeka zilokhu zanda.

Lokhu kulandela esinye isigameko esenzeke mhla ziyi-16 kuMashi 2016 sokushushumbiswa kwezidakamizwa kule ndawo.

Kubikwa ukuthi ngezikhathi zasekuseni amaphoyisa ophiko lwe-K9 Unit alandele umkhondo ngalokhu kushushumbiswa okuthiwa kwenzeke ngezikhathi zasekuseni.

Kodwa-ke kuthiwa izinto azihambaka kahle ngasohlangothini lwabashushumbisi njengoba amaphoyisa ethole umbiko wokuthi imoto yabasolwa abebethi bayayizingela isishayisile. Emva kwalokho amaphoyisa abe eseyalelwa endaweni esoduzane okuqhutshwa kuyo ibhizinisi lokudonsa izimoto.

Athe angafika kule ndawo amaphoyisa azithela phezu komlisa oneminyaka engama-35 ubudala enamaphakethe ayisithupha esidakamizwa sohlobo lwe-CAT kanye nelinye iphakethe elilodwa le-cocaine. Isisindo salezi zidakamizwa silinganiselwa ku-700 grams kanti inani lazo lilinganiselwa ku-R250 000 ngokwenani lasemgwaqeni.

Umsolwa ube eseboshwa ngaso leso sikhathi kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yase-Ladysmith ngamacala okusebenza ngezidakamizwa.

Kusenjalo amaphoyisa aseWembezi abophe abasolwa ababili kulandela ukubhadanywa nensangu eZwelisha. Kubikwa ukuthi amaphoyisa abezulazula kule ndawo ngenkathi ezithela phezu kwequlu labantu okusolakala ukuthi bebezitika ngomthunzi wezinkukhu.

Kube sekuboshwa abalisa ababili emva kokutholakala nezijumbane ezimbili zensangu. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi yase-Estcourt mhla ziyi-18 ku-April 2016.

Kwesinye isigameko amaphoyisa athole amasaka ayi-13 egcwele insangu esigodini saseMaswazini, e-Bergville. Kuthiwa la masaka atholwe efihlwe esikhotheni. Isisindo sawo singaphansana kwa-320kg kanti alinganiselwa enanini lika R500 000 ngokwenani lasemgwaqeni.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali uthi le mikhankaso izolokhu iqhubekile kuze kuba bayagculiseka ukuthi ayisekho into eyisidakamizwa emphakathini.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: SAPS

 

Related Posts