Kuvundululwe ihlathi lensangu eBergville

Usekhalelwe amasango kasiGonyela owesifazane oneminyaka engama-32 ubudala, waseMazizini, e-Bergville, kulandela ukutholakala kwehlathi eligcelwe umthunzi wezinkukhu kule ndawo.

Kuthiwa amaphoyisa aseMatsheni alunywe indlebe mayelana nalesi sidleke sensangu kule ndawo. Umkhondo uwaholele eMazizini, khona e-Bergville.

Sebefikile, bazithele phezu kwezihlahla ezingaphezu kuka-1000 zomthunzi wezinkukhu; baphinde bathola namaphasela ayo insangu kanye nensangu eyomisiwe.

Ilinganiselwa ku-240 grams ngokwesisindo insangu etholakale emaphaseleni kanti isiyonke insangu etholakele ilinganiselwa ku-R100 000 kuya ku-R150 000 ngokwenani lasemgwaqeni.

Umsolwa ube eseboshwa ngaso leso sikhathi waphinde wabekwa necala lokusebenza ngensangu.

Amaphoyisa aphinde asiphula nezimpande kule nsangu ebitshaliwe.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts