Ufunwa amaphoyisa ‘oqola abantu ngethenda’

Amaphoyisa ophiko lwe-KZN Provincial Detective Task Team afuna uthuli umlisa okuthiwa usebaqedile abantu esifundazweni ebaqola izizimbulu zemali ebakhohlisa nangokuthi uthole ithenda kumasipala.

Lo mlisa kuthiwa waziwa ngo-Ahmed Omarjee oneminyaka engama-33 ubudala. Kuthiwa uhlala e-Dolphin Crescent, e-Blythedale Beach, KwaDukuza.

Kuthiwa umsolwa ubehambe ekhohlisa abantu ethi uthole ithenda lokunikezela ngama-water pumps asebenza ngaphansi kwamanzi kumasipala. Kusolwa ukuthi lo mlisa  ubekhombisa amaphepha awumgunyathi ane-letter head yakamasipala.

Laba abaqoliwe kuthiwa bebecelwa umsolwa ukuthi batshale izimali zabo kule thenda ebathembisa ukuthi bazokwenza inzuzo enkulu. Kuthiwa nangempela abantu bayifake njengoba beceliwe imali njengoba bebekholwa ukuthi yibhizinisi langempela.

Kubikwa ukuthi abantu bebefaka ama-millions amarandi ku-Omarjee kodwa wahluleka ukubanikeza lenzuzo abebathembise yona nokugcine ngokuthi abaleke endaweni.

Usevulelwe amacala amabili okukhwabanisa esiteshini samaphoyisa kwaDukuza  kanjalo nase-Sydenhem. Ngaphezu kwalokhu kuthiwa namaphoyisa asebenza emazweni ahlukene, i-Interpol, nawo asemlindele lo mlisa njengoba eseyazi imigilingwane yakhe.

Kunezinsolo zokuthi u-Omarjee wabaleka kuleli esebenzisa umngcele wase-Golela.

Amaphoyisa asecele noma ngabe ubani ongaba nolwazi ukuba axhumane noMseshi kuleli cala, u-Lieutenant KM Reddy kule nombolo ethi: 0824585630 noma athinte u-Lieutenant Colonel A Rajak kwethi: 0313254726 noma u-0824585570.

news@liveexpress.co.za

views@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts