Ubulale enye intombi obengaphandle ngoshwele

Ugwetshwe udilikajele iNkantolo yeSifunda yaseMahlabathini umlisa wakule ndawo kulandela ukulahlwa ngamacala okubulala intokazi okukholakala ukuthi bebenobudlelwano bezothando nayo.

Lesi sigameko kuthiwa senzeka sekusele amahora ambalwa nje kungenwe kunyaka omusha, mhla zingama-31 ku-December 2015, ngezikhathi zehora lesishiyagalombili kusihlwa.

Kubikwa ukuthi uSabelo Masondo oneminyaka engama-31 ubudala wagwaza kanzima uMathombi Mazibuko yena owayeneminyaka engama-25 ubudala esigamekweni okuthiwa senzeka esigodini saKwaJikazi, eMahlabathini.

uMasondo ugila le mikhuba nje uvele ungaphandle kulandela ukuthola i-parole emva kokulahlwa yicala lokubulala uThandi Mofokeng owayeneminyaka engama-20 ubudala naye okuthiwa wayethandana noMasondo ngonyaka ka-2003.

Wabe esegwetshwa iminyaka engama-20 ngaleli cala. Emva kokudonsa iminyaka eyi-9 wabe esededelwa nge-Parole.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi kuyadumaza ukuthi la bantu okufanele ngabe yibona abavikela abesifazane kube yibona abababulalayo. Wathi lokhu akwemukelekile neze.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts