Yi-Rhythm City iSoapie esezingeni eliphezulu eMzansi– SAFTA Awards

Umdlalo kamamonakude oluchungechunge, i-Rhythm City, iwona okhale wemuka nendondo obekungenye yebezibhekwe ngabomvu emcimbini wokukonyeliswa ngezindondo, ama-South African Film and Television Awards 2016 (SAFTA).

Lo mdlalo odlala ku-etv unqobe indondo ye-Best Soapie nalapho ubuqhathwe khona neminye imidlalo engaconsi phansi kubabukeli, Isibaya kanye ne-Ashes to Ashes.

Akuthusanga ukunqoba kwalo mdlalo njengoba ubuqeda kunqoba futhi nendondo ye-Best Achievement in Directing emkhakheni wama-soapi.

Omunye umdlalo oyigugu kumabonakude nokulindeleke ukuthi ubuye nge-season entsha ngoMsombuluko, uMlilo, nawo uklonyeliswe ngendondo ye-Best TV drama.

Umdlalo, i-Skeem Saam, wona uthole indondo ye-Most Popular TV Soapie nokwiyindondo ebivotelwa umphakathi.

Omunye wabethuli bama-Safta Awards 2016, u-Katlego Maboe, ophinde abe ngumethuli we-Expresso, edlala ku-SABC 3, ubaqwaqwade emakhanda emkhakheni we-Best TV Presenter nawo obuvotelwa umphakathi.

Lowo owayengumethuli we-Shift edlala ku-SABC 1, u-Rhulani Baloyi, yena ubengomunye walabo abahlonishwe ngezindondo ezikhethekile kanye no-Ugu Film Festival .

Umdlalo wamahlaya olingiswa ngama-cartoon, i-ZA News, wona uthole eye-Best TV Comedy.

Lena bese kuyingxenye yesibili yama-Safta njengoba eyokuqala ibingoLwesihlanu, mhla ziyi-18 ku-March 2016

u-Maboe ubebambisene nomunye wabethuli be-Soccer Zone ku-SABC 1, u-Minnie Dlamini ekwethuleni lo mcimbi.

Naba abanye abanqobile emikhakheni eyehlukene:

Bongani Madondo (Kota Life Crisis)

Linda Sebezo (Gauteng Maboneng)

Mandla Gaduka (Gauteng Maboneng)

Nomhle Nkonyeni (Lifetime Achievement Award)

Vusi Kunene (Isibaya)

Maggie Benedict (Ashes to Ashes)

Samson Khumalo  (Isibaya)

Leeanda Reddy (Isidingo)

Charmaine Mtinta (Matatiele)

Siyabonga Radebe (Saints and Sinners)

Ntathi Moshesh (Saints and Sinners)

Rolisizwe Nikiwe, Zuko Nodada (Matatiele)

Eric Mogale (Rhythm City)

Tina Jaxa (While You Weren’t Looking)

Mduduzi Mabaso (For Love and Broken Bones)

Fulu Mughovani (Ayanda)

 

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts