Kuphume izidumbu ngenxa yentombi

Umbango wentombi uholele ekutheni kugcine kuphume izidumbu ezimbili kwaphinde kwalimala oyedwa  e-Candover, ngaseMkhuze.

Kuthiwa indaba isuswe ukuthi umlisa oneminyaka engama-36 ubudala asole ibhungu elineminyaka eyi-19 ubudala ngokuba nobudlelwano bezothando nentombi yakhe. Lokhu kuholele ekutheni lo mlisa oneminya engama-36 agwaze kanzima abulale leli bhungu elineminyaka eyi-19.

Umfowabo waleli bhungu eligwaziwe kuthiwa naye ugwaziwe umsolwa ngenkathi ezama ukumbamba.

Lokhu kuthukuthelise umphakathi wakule ndawo njengoba ugcine usuphuma umkhankaso ufuna umsolwa lapho engakhona.

Kubikwa ukuthi bathe bangamthola bathi ukumtitinya ngaphambi kokuthi bamgwaze bamubulale.

Kube sekuvulwa amacala okubulala esiteshini samaphoyisa, eMkhuze.

Emva kophenyo amaphoyisa abophe abasolwa abayishumi nesithupha ngokuzithathela umthetho ngezandla. Bazobekwa amacala okubulala kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeManthi e-Ubombo mhla zingama-22 kuMashi 2016.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi angeke baze bazivumele nakancane izigameko zokuzithathela umthetho ngezandla.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts